nokwenzela okuhambisana nalokhu.
Inhloso yalo mThetho ukuphakamisa nokwenza ezothutho lwabahamba ngezimoto zomphakathi e-Gauteng zibe nempumelelo.
s ukwenzela ukuthi kube nohlelo lokwephuca amalungelo kulabo abasebenza ngezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi; futhi t ukuphakamisa ezamabhizinisi amancane, aphakathi nalawo amancinyane kakhulu nabasebenzioperators ababebukeleka phansi ngenxa yobandlululo kulesikhathi esedlule.
Lo Mthetho ume esikhundleni sesahluko 3 soMthetho ka Zwelonke ngokwezinto eziqukethwe kulo Mthetho.
b umsebenzisi ubhekelene nezimali zokugibela ezikhokhwa abagibeli abagibeliswayo futhi, lapho abagibeli bekhokha khona imali eyehlisiwe, nalapho futhi umphathi wesivumelwano evuselela isivumelwano nomsebenzisi; nalapho c osebenza ngezokuthutha engatholi uxhasomali noma ukusizwa ngokwemali kunoma yiliphi ilungu nanoma iyiphi ingxenye kahulumeni ngakho ke ngokwalesisigaba, ukuvuselelwa okwenziwe kosebenza ngezokuthutha ngokwemali yokugibela eyephuliwe angeke ibhekwe njengoxhasomali nanganoma iyiphi enye indlela yokusizwa ngezezimali.
Kumele kuphakamiswe amacebo okuphumelelisa ukuhlangana kwezinndlela, ezokuthutha ezifinyeleleka kalula yilabo abanokukhubazeka, ukushintsha nokuthuthukisa amabhizinisi amancane nabantu ababenamathuba amancane ngenxa yobandlululo olungeluhle.
a Abe nemvume efanele, ilayisense yokusebenza noma amandla esikhashana; futhi b Arejistwe ngokwalo Mthetho maqondana namakhumbi angamatekisi, amatekisi anamamitha, amabhasi kanye nezithuthi zokungcebeleka ngokwesigaba 69, isigaba 77 nesigaba 81.
Inhlangano kungenzeka ingabi nayo ilayisense yokusebenza noma imvume.
Imoto noma iyiphi ifumana ilayisense yokusebenza eyodwa kuphela.
b ukuthuthwa kwabantu abakwi kilabhu yokugibelisana, lapho amalunga eshintshana ngokugibelisana noma ukuhlela ukugibelisa amanye amalunga noma labo abaqokwe yilawo malunga ukuya nokubuya kwizindawo eziqokiwe ngenhloso eqokiwe nalapho kungekho khona uhlelo noma olunjani lokukhokhelana ngokugibelisana.
b bangabhemi; futhi c bayazi kahle indawo abasebenzela kuyo.
Isigatshana 1 angeke sisebenze kubasenzi abasebenzela lapho kucace khona kahle ukuthi asingangeni.
UMEC angashaya umthetho wokuthi bonke abashayeli bezithuthi zabahamba ngezimoto zomphakathi baye kofundiswa ngokuthile.
b noma ummeli wehhovisi angacela lowo ofaka isicelo selayisense ukuthi ahambise imoto iye kohlolwa kabusha uma esola ukuthi ayikho esimweni sokuba semgaqweni, noma ngabe leyomoto ibisinayo ilayisense esemthethweni yokuba semgaqweni; futhi c angenqaba ukuphanisa ngelayisense yokusebenza uma ngokwakhe ebona imoto ingekho esimweni sokuba semgaqweni.
Izimoto ezisetshenziselwa ukuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi kumele zisuke esikhungweni sazo zihlanzekile, ngaphakathi nangaphandle, ngokwemigomo yokuqondisa, uma kunesivumelwano, ngokubekwe kwisivumelwano.
Ngokwemigomo yo Mthetho ka Zwelonke wesiminyaminya emgaqweni, izimoto ezisetshenziselwa ukuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi kumele zibe sesimweni esihle ngaphakathi nangaphandle.
a Imoto esebenza ukuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi kumele ibe nesicishamlilo okungenani esisodwa esisebenza kahle nebhokisi losizo lokuqala elinezimfanelo zalo.
b Isicishamlilo nebhokisi losizo lokuqala kumele kubekwe noma kufakwe ngendlela nasendaweni ebekiwe emotweni, kuthi izicishamlilo zishintshwe ngezikhathi ezifanele.
l ezokungcebeleka ezibekelwe isikhathi njengokuba kukhonjwe kusigaba 16.
Imikhakha yezinsizakalo ebalwe kusigatshana 1 emayelana nemithetho ekhonjwe kusigaba 3 yengomuso zitshengiswe kusheduli B, bese kuthi ezesikhathi soshintsho zitshengiswe kusheduli C.
f imoto kumele ibonise ukuthi iyitekisi ngendlela ebekiwe.
Ibhodi lingabeka ubukhulu noma ubuncane bemali yokugibela amatekisi anamamitha okumele ikhishwe kuSomqulu.
b itekisi ibuya ingathwele muntu; noma c kumele enze kanjalo ngokwesivumelwano esivunywe yiBhodi.
noma ekhona usigatshana 1, itekisi enemitha ingasebenza ngemali yokugibela engatshengisiwe imitha uma imali yohambo oluthile kuvunyelwene ngayo ngaphambi kohambo.
Ezamatekisi angamakhumbi zingasebenzisa kuphela izimoto ezincane, amakhumbi, amabhasi amancane noma izimoto ezincane zokuthutha ezishintshwe isimo.
Ilayisense yokusebenza ekhishelwe itekisi eyikhumbi kumele ibonise ukuthi ukusebenza kwaletekisi kuhamba ngomgudu noma ibalazwe, ngaphandle kwalapho isimo esehlukile sivunywe yilo Mthetho.
ngokwamabhasi alekene noma asasitimela iBhodi linganciphisa ukusebenza kwelayisense likunciphisele kwizindawo noma imigudu ethile.
Ezamabhasi kumele kube ezibekelwe isikhathi ezisebenzela ezindaweni noma kwimigudu ebekiwe ngokukhokhisa imali ebonisiwe nokuhamba ngezikhathi ezibekiwe, okufanele uma kunoxhasomali, ivunyelwe yisiphathimandla esikhokha uxhasomali.
Ezemfondo ezemfundo kumele zimiselwe isikhathi sokuthutha abafundi besikole, abafundi bemfundo ephakeme, abafundi basenkulisa, nezinduna phakathi kwezindawo abahlala kuzo nezokufunda, kodwa zingafaka uhambo olungabekelwe isikhathi ukuya nokubuya ezikhungweni zemfundo uma loluhambo luqondene kuphela nezinto ezihlobene nemfundo.
ezemfundo zingasebenzisa izimoto ezincane, amakhumbi, amabhasi amancane, amabhasi ajwayelekile, amabhasi alekene, izitimela-mabhasi noma izimoto ezincane ezishintshelwe okuthile.
Ngaphambi kokubonelela isicelo sokuphiwa, ukuvuselela, ukushintsha noma ukudlulisela ilayisense yokusebenza ngezemfundo, iBhodi kumele lihambise isicelo kulesosikole esithintekayo noma ezinye izikhungo zemfundo ukuzwa uvo noma izincomo zazo ngendlela ebekiwe, futhi kumele libhekisise lololuvo noma izincomo ezitholile.
Ezokuvakasha kumele zibekiswe ukuze kwenzelwe ukuhamba kahle ngokungcebeleka lapho abavakashi bephelezelwa ngumbonisi-ndlela orejistiwe ngokwesigaba 21 so Mthetho wezoku Vakasha.
Ayikho ilayisense egunyaza ukusebenza ngezokuvakasha engakhishwa ngaphandle uma iBhodi selithole futhi labonelela izincomo eziphuma kwisiphathimandla sezokuthutha ezivumelana no MEC, kodwa ibhodi lingaqhubeka ngaphandle kwalezizincomo lapho isiphathimandla singazange sikhiphe izincomo ngesikhathi esibekiwe ekucelweni yiBhodi.
Ekukhipheni ilayisense lokusebenza ngezokuvakasha iBhodi lingabeka imigomo yokuthi imoto ibe nesipholisi, izipikha zokudlulisela umculo noma umlayezo, izitsha zasekhishini nanoma yiziphi ezinye izinto ezingabekwa yiBhodi, noma izindlu zangasese lapho uhambo lweqa amakhilomitha angu 200, noma yimiphi ke nje eminye imigomo.
Ibhodi lingabeka ubuningi babagibeli abangathwalwa imoto esetshenziselwa ezokuvakasha, ngaphandle kokunaka ukuthi ubukhulu bemoto bungaphezulu kwalesosibalo esibekiwe.
Lapho kufanelekile, iBhodi lingabeka izindawo ezithile noma imigudu yokusebenza ezokuvakasha.
Umshayeli wemoto esetshenziselwa ezokuvakasha kumele ngaso sonke isikhathi lapho lezizokuvakasha zisebenza ahambisane nezinqumo ezibekwe ngumthetho wezokuthutha nanjengoba kunqunyiwe.
Ezokuvakasha akumele zisetshenziselwe ibhasi-sitimela.
Ezokuqashisa kumele zisetshenziswe kuphela lapho abagibeli beyiswa endaweni eyodwa bonke, usuku nesikhathi sokuqala uhambo sibekwe ngumuntu ohlela ukubekisa uhambo.
Ezabasebenzi zingasebenzisa izimoto ezivunywe yi Bhodi, okukhipha kuzo ama taki-taki, uma ilayisense yokusebenza enikeziwe ikhomba ukuthi kusetshenzwe ngomgudu noma ibalazwe noma indawo.
Ezokuphakamela akumele zisetshenziselwe amabhasi alekene noma ibhasi-sitimela.
c izithuthi kumele zisebenze ngesikhathi esibekiwe ngemigudu eseyibekiwe nangemali yokukhokhwa eseyibekiwe.
IBhodi lingazibekela eminye imigomo ezokungcebeleka.
Ezokuthutha ezokuthutha zingasetshenziselwa ilimozini, imoto encane, ikhumbi, ibhasi encane, ibhasi ejwayelekile, ibhasi elekene noma ibhasi enomfonomfo.
Ezokuthutha kumele zisebenzise imali yokukhokhela uhambo lomgudu eseyibekiwe futhi ekhangiswe ngendlela eyamukelwa yi Bhodi.
IBhodi lingamisa ubuningi babagibeli abangathwalwa yimoto esetshenziselwa ezokuthutha, noma ngabe yona ingathwala inani elingaphezulu.
a indawo noma umgudu obekelwe ezokuthutha; futhi b noma ngabe indawo ayibekelwe isikhathi ngokufunwa ngabagibeli noma ibekelwe isikhathi.
ekunikezeleleni ngelayisense yezokuthutha, iBhodi lingabeka imigomo yokuthi imoto ifakelwe isipholisi noma ezinye izinto ezibekwa yi Bhodi.
k izithuthi zokungcebeleka.
Imikhakha yezimoto mayelana nezinhlobo zokusebenza eziboniswe kusheduli A.
Imoto encane eyisithuthi ingasetshenziselwa ezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi kuphela uma kuyimoto encane eyisithuthi eshintshiwe.
i ukuqhubezela phambili ukuxhumana nokubonisana phakathi kwezindlela zokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi ukuphakamisa ukufinyeleleka nobulula bokutholakala nokwehliseka kwesikhathi sohambo.
jj noma yikuphi okunye okuphakamisa izinhloso zalo Mthetho.
c ukukhishwa kophawu lokwehlukanisa noma iliphi elinye ibhukwana noma impindakabili yalo yiqembu lezobuphathiswa belayisense yokusebenza, nokubeka ubungako bemali ekumele ikhokhwe, izimo lemali ekhokhiwe eyobanjwa noma ibuyiswe ngaphansi kwazo iphelele noma ingxenye, ubungako bemali okubuya ingxenye yayo nezimo ezenza ukuthi lemali ebeyikhokhiwe ibuye iyingxenye noma iphelele ngokuya ngokubona kwe Bhodi noma iBhodi lezikhalo.
b ongelungu orejistile kumele aziphathele amabhizinisi akhe.
imigomo eyehlukene engaphansi kwalesisigaba ingasebenza ezindaweni ezehlukene e-Gauteng nakwizinhlangano ezintsha kunakulezo esezazinda.
izinqubo ezivezwe kulesisigaba noma yikomuphi umThetho zingasho ukuthi umuntu owephula lokho okubekelwe wona noma ohluleka ukuwugcina uyotholwa enecala bese kufanela ukuthi ahlawuliswe noma avalelwe isikhathi esingeqile ezinyangeni eziyisithupha.
noma yimiphi imigomo eyenziwe ngokomthetho ochithwe noma okhishwe yilo Mthetho bese usebenza ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho ngokwezinto U MEC angakwazi ukuzibekela imigomo ngokwalesisigaba, ithathwa njengenqubomgomo eyenziwe ngokwalesisigaba, ukwenzela lo Mthetho, kuze kufike isikhathi lapho u MEC enza khona inqubomgomo eyengama inqubomgomo yalesisigaba.
c ukwenqabela ukuthi lemoto Igibelise noma yehlise abagibeli kumagatsha athile ngezikhathi ezithile, bese ebeka izikhathi zokugibelisa nokwehlisa abagibeli.
d ukuziphatha kwabashayeli bezimoto ezisetshenziselwa ukuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi, okungaba khona kuko ukuncenga nokuhutha ukuze kuheheke abagibeli.
Umasipala angangena kwisivumelwano nabantu noma izikhungo mayelana nokubeka noma ukusebenzisa izinto zokusebenza ngokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi ezisezindaweni zabantu, ngokuhambisana nenqubo nemigomo eyenziwe nguMEC, uma ukubekwa noma ukusetshenziswa kuhambelana nezinhlelo zezokuthutha.
c angasungula ukuqoqa imininingwane mayelana nezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi bese eyinika labo abayifunayo bese ekhipha lemininingwane ngezokuthutha kumaphephandaba, imisakazo, omabonakude nanoma yiluphi uhlelo lokusakaza.
U MEC angedlulisela noma anikeze amandla noma umsebenzi onikwe yena awudlulisele kumsebenzi wehhovisi loMnyango, ngaphandle kwamandla okwenza imigomo, futhi angawahoxisa lamandla noma umsebenzi noma nini.
e kumele kube nohlelo olufanele lwezokuthutha olutshengisa izindlela ezizosetshenziswa noma ezisetshenzisiwe ukusiza abagibeli abanezidingo ezehlukile, njengabantu abakhubazekile.
b imigudu esetshenziswa abezokuthutha abathola uxhasomali nabangalutholi.
futhi kumele ifake izinhlobo zezithuthi njengoba zibalwe kusigaba 6 njengoba zingabekwa.
Lezizinhlelo kumele zibe nemininingwane njengoba ibekwe inqubomgomo noma eminye imithetho kazwelonke noma yesifundazwe.
Lezizinhlelo kumele zibe nemininingwane eyanele ukuze izikhulu zezokuthutha zikwazi ukubona okunikezelwayo nezimfuneko kwezithuthi kumgudu ngamunye lapho kuhamba khona izithuthi zabahamba ngezimoto zomphakathi.
ngesikhathi sokulungiselela lezizinhlelo, iziphathimandla zokuthutha kumele zisebenzise ukuxhumana nomphakathi okubekiwe futhi bavumele abantu abathandayo Isikhathi esanele ukuthi baphawule futhi babeke izimvo zabo ngezinto Ezisezinhlelweni ezibathintayo.
Omunye nomunye weziphathimandla zokuthutha kumele athathe isivumelwano nabasebenzi ngezokuthutha abasendaweni yakhe ngezithuthi ezicatshangelwe umthetho wesifundazwe nokazwelonke.
Lapho kunesidingo sokwenezelela izithuthi kwimigudu engenazo futhi engeke inikezelwe ngezithuthi ngokwesivumelwano, isiphathimandla kumele simeme izicelo zelayisense yokusebenza kuleyomigudu ezingafakwa kwi Bhodi ngokuya ngokohlelo lwayo lwezokuthutha ngokwesigaba 38.
Iziphathimandla zokuthutha, izinkaba zamadolobha nomasipala kumele benze isiqiniseko, ngokungangoba kungenzeka, ngezincomo ezifanelekile kwi Bhodi, ukuthi ukukhishwa kwamalayisense okusebenza kwenzeke ngendlela yokuthi abagibeli bemigudu efanele bathole izithuthi, ngokuya ngobukhona bezimali, nokuthi ukunikezela ngezithuthi ezingaphezu kokuba zidingeka kugwenywe,.
b sibhalele iBhodi silicele ukuthi lingakhiphi amalayisense amasha okusebenza, futhi lingashintshi amalayisense okusebenza anikeza amandla okusebenza kulowomgudu; futhi c sithathe izinyathelo ezinqala ngokugcizelela ukusebenza komthetho noma ngokuhoxisa amlayisense okusebenza ngokwesigaba 51 so Mthetho ka Zwelonke kwisifundwa nalo Mthetho, noma ngendlela ebekiwe ukwehlisa inani lezithuthi lifinyelele kulelo elidingekayo.
Ekwenzeni uhlelo lwezesivumelwano, iziphathimandla kumele zibheke imigudu yonke, lokhu kusho ukuthi Zinake izithuthi ezithola uxhasomali nezingalutholi futhi, banikezele ngezivumelwano ezihlanganise ezokuthutha ezinoxhasomali nezingenalo lapho kufaneleke khona.
Noma yimiphi imibhalo eqoshiwe yezokuthutha umphakathi elungiswe ngokwesigaba 3 so Mthetho wesikhashana wokuhlela wezithuthi ka Zwelonke, ka 1998 uMthetho 45 ka 1998 iyothathwa njengombhalo oqoshiwe ofuneka ngokukwesigaba 23 so Mthetho ka Zwelonke.
Ukwenzela ukulungiselela okwenzekayo okuphuma kwisigatshana 1, U MEC, ngokokuvumelana, angazinika iziphathimandla ezithile noma omasipala imisebenzi ngokumemezela ku Somqulu.
Lapho kwenzeka khona ukuthi ekuqaleni kwalo Mthetho isiFundazwe kade kuyisona esenza izinhlelo zezokuthutha umphakathi, ngaphandle kwezokuthutha ezikhonjwe kusigaba 204 so Mthetho ka Zwelonke, okufanele ziphathwe ngumasipala ngokomthethosisekelo, UMEC neziphathimandla zokwakha uhlelo ezithintekayo kumele benze amalungiselelo okudluliselela kwiziphathimandla zokwakha uhlelo ezifanele umsebenzi wokwakha uhlelo.
Igama elithi iBhodi leziMvume zeZithuthi e-Gauteng elamiswa ngaphansi kwesigaba 2 so Mthetho weSikhashana weZithuthi zaPhansi e-Gauteng, ka 1998 u Mthetho 2 ka 1998 ushintshelwe kwi Bhodi laMalayisense Okusebenza nge Zokuthutha e-Gauteng futhi lithathwa njengebhodi elikhonjwe kusigaba 301 so Mthetho ka Zwelonke.
IBhodi kumele libe nomphathisihlalo namalunga ambalwa abekwa ngu MEC okumele kube ngabantu abanezipiliyoni ngezinto ezehlukene, futhi batshengise nekhono kwezokuthutha abahamba ngezimito zomphakathi, ezezimboni, ezomnotho, ezamabhizinisi, ezezimali nezomthetho noma ekuphatheni izindaba zomphakathi.
Amalunga eBhodi leziMvume Zezithuthi e-Gauteng aqashwa ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho azoqhubeka ehhovisi kuze kuphele isikhathi sokuqashwa kwawo ngaphandle uma u MEC enqamula ukusebenza kwabo ngaphambi kokufika kwesikhathi.
a Ngaphambi kokuqasha amalunga eBhodi, u MEC kumele akhiphe isaziso ngenhloso yokuqasha, futhi ameme izicelo zomsebenzi wobulunga, okungenani kanye kwiphephandaba lesi Fundazwe, ngolwimi lwesingisi nangolwimi okungenani olulodwa olusemthethweni olusetshenziswa kakhulu kwisi Fundazwe.
b Ngaphambi kokuqasha noma yiliphi ilunga, u MEC kumele akhiphe isaziso, ngendlela efanayo, amagama abantu acabanga ukubaqashela iBhodi, bese emema izimvo nokumelana ngalokhu.
c engowawa futhi engakavuki kwezamabhizinisi; noma d ake atholwa enecala elinokungathembeki noma esake wasuswa ehhovisi ngenxa yokungaziphathi kahle.
Uma kucatshangelwa ukuqashwa kwanoma ngubani njengelunga le Bhodi, lowomuntu kumele abhalele u MEC, ambikele nanganoma iyiphi inzuzo angaba nayo kunoma iyiphi imboni yezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi, ukwehluleka ukwenza lokhu kuyicala.
Umphathisihlalo we Bhodi kumele aqashwe isikhathi esingevile eminyakeni emithathu, amanye amalunga eBhodi isikhathi esingevile kwiminyaka emibili, futhi, ngokulandela lo Mthetho, aphathe ihhovisi ngokomgomo wokuhola futhi uma u MEC engabeka lapho beqashwa.
Uma kuzoba noma kukhona isikhala somsebenzi ehhovisi lomphathisihlalo we Bhodi noma ilunga le Bhodi, u MEC kumele athathe izinyathelo eziphuthumayo ukugcwalisa lezozikhala ngokuqasha, ngokuya ngokwalesisigaba, umuntu ofanelekile ongeke ehliswe esikhundleni ngalendlela ebalwe kusigaba 5.
Umuntu osephelelwe yisikhathi sokuba yilunga le Bhodi uvumelekile ukuthi aqashwe kabusha.
Inhloko yo Mnyango kumele, ngokulandela umthetho ophethe ezomphakathi, anikezele ngabasebenzi abafanele ukusiza iBhodi ekwenzeni umsebenzi walo.
d eselehluleke ukuhambela imihlangano ye Bhodi kwaze kwa yizihlandla ezintathu zilandelana ngaphandle kwesizathu esicacile.
b lisusiwe ehhovisi ngokwesigatshana 2.
v lenqabe ukuzwa ubufakazi bomuntu owenqaba ukufunga noma ukufungiswa.
Umuntu ophethe umhlangano weBhodi lapho kunomuntu ozokwethula ubufakazi njengoba kukhonjwe kusigatshana 1, angamfungisa lowomuntu owethula ubufakazi.
IBhodi kumele libanike labobantu abafuna izizathu ezibhalwehe phansi ngezinqumo ekufinyelelwe kuzo.
Imihlangano ye Bhodi kumele ibanjwe ngezindlela nangezikhathi nasezindaweni ezibekiwe.
Umphathisihlalo kanye namalunga okungenani amabili banegunya lokubamba umhlangano we Bhodi osemthethweni.
Isinqumo seningi samalunga e Bhodi akhona emhlanganweni siyoba yisinqumo se Bhodi mayelana naloko nalezozenzo nalapho kunamavoti alinganayo, lowo ophethe umhlangano unegunya lokufaka ivoti eliyisinqumo nangaphezu kwevoti alifake kanye nabanye.
Uma usihlalo we Bhodi engakwazi ukuza emhlanganweni we Bhodi, usihlalo we Bhodi angakwazi ukukhetha omunye wamalunga eBhodi ukuthi abe usihlalo kulowomhlangano.
Awukho uMthetho, indlela noma isinqumo se Bhodi esingathathwa njengesingekho emthethweni ngesizathu sokuthi, ngesikhathi lowomthetho wenziwa noma indlela noma isinqumo sithathwa, kwakunesikhala kwi Bhodi noma umuntu owabe elilunga le Bhodi wayehlisiwe esikhundleni sokuba lilunga ngaphansi kwesigaba 295, noma ngabe ukuvumelana namanye amalunga kwalowomuntu bekubalulekile ekwenzeni noma ekuthatheni indlela noma isinqumo.
Uhla lwabeluleki kumele lweluleke iBhodi ngezomthetho futhi kungazibandakanyi ezinqumeni eziqondene ne Bhodi ngaphandle kokuthi licelwe ngqo yi Bhodi futhi uma liceliwe, likhiphe iseluleko esejwayelekile noma esingokomthetho.
abangevile kwabathathu abamele abasebenzi kwezokuthutha, ngamunye emele abasebenzi bezinhlobo ezahlukene zezithuthi.
b Uma kukhona oyedwa ongekho kubameli ababalwe kusigaba a, inhlangano yakhe ingamkhetha ozomumela kodwa hhayi ngokwafuthi.
Umpathisihlalo we Bhodi uyakuba ngumphathisihlalo wohla lwabeluleki.
Uhla lwabeluleki kumele lukhethe oyedwa ukuthi amele usihlalo uma usihlalo engaphumeleli ukuba semhlanganweni wohla lwabeluleki.
Amalunga ohla lwabeluleki ayobizelwa ndawonye okwesikhashana uma ecelwa yi Bhodi, kodwa kumele abambe imihlangano okungenani emibili ngonyaka.
Ilunga lohla lwabeluleki libe futhi liyilunga labasebenza nomphakathi liyoba nesikhundla sehhovisi uma licelwa ngu MEC, amanye amalunga kumele aqashwe isikhathi esingevile eminyakeni emibili futhi kumele, uma kuvunyelwa yilo Mthetho, abe nesikhundla ehhovisi ngokwemigomo nangokweholo elinganqunywa ngu MEC, ngokuvumelana nelunga eliphezulu lekomidi lezezimali, lapho ilunga liqashwa.
Inhloko yo Mnyango kumele ibeke oyedwa noma ngaphezulu emahhovisi wonke esiphathimandla sedolobhakazi ukuthi benze imisebenzi yeqembu labaphathiswa bezimvume zezokuthutha, ngendlela ebekiwe.
Iqembu labaphathiswa bamalayisense okusebenza ngezokuthutha kumele lithole amafomu asegcwalisiwe kunye nemali ehambisana nawo okufaka izicelo zamalayisense okusebenza ngezithuthi eziqala endaweni yedolobhakazi layo, bese lihlola ukuthi amafomu okufaka isicelo agcwaliswe kahle nokuthi zonke izincwajana okumele zihambisane nawo zikhona futhi zisemthethweni, bese lifaka imininingwane ekumafomu kumabhange emininingwane ngendlela ebekiwe.
Iqembu lezobuphathiswa bamalayisense okusebenza kumele bese lihambisa izicelo kusiphathimandla sedolobhakazi, omasipala abafanele kwidolobhakazi, izikhungo ezifanele namakomidi oxhumaniso afanele ukuze athole izincomo ngendlela ebekiwe.
Ekwenzeni izincomo, iziphathimandla zedolobhakazi kumele zenze isiqiniseko sokuthi isicelo siyahambisana nezinhlelo ezikhona zezokuthutha nezinye izinhlelo ezikhona zezokuthua nezomhlaba beze zibhekela nezaba ezifana nezimfuno nezidingo ngokwemigudu, ubukhona bendawo yokupaka nesiminyaminya nokunye okungukubhekela idolobhakazi nendawo.
Uma kungekho sikhungo noma ikomidi loxhumaniso ngokomgudu noma indawo ngalesosikhathi, iqembu lobaphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi kumele lihambise isicelo siye kwizinhlangano ezifanele ukuyothola izincomo novo, ngaphandle uma inhlangano seyiphawulile kwifomu yesicelo.
Iqembu lobuphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi kumele liqoqe konke okungubumelwana kunye namafomu nezinye izincwajana ezixhasa isicelo likuyise kwi Bhodi ukuze lithathe isinqumo.
Lapho isithuthi esiphakanysiwe sizosebenzela nakwelinye idolobhakazi lelinye iqembu lezobuphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi, iqembu lokuqala labaphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi kumele lihambise isicelo kwelinye iqembu lobuphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi, ekumele lilandele izinyathelo ezikhonjwe kwizigatshana 3 kuya ku 6 bese lisibuyisa isicelo nezincomo ezifanele lisibuyisele kwiqembu lokuqala labaphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi.
Lapho iBhodi lakwesinye isifundazwe lihambise isicelo saliyisa kwi Bhodi ukuthola uvo ngesicelo esiphuma kwesinye isifundazwe, iBhodi kumele lithumele lesosicelo kwiqembu labaphathiswa bamalayisense okusebenza ngezithuthi elifanele ukuze iBhodi lithole izincomo noluvo okukhonjwe kusigatshana 3.
Izimvume zihlala zisemthethweni kuze kufike usuku olubekwe ngokukwesigaba 32 2 so Mthetho kaZwelonke.
Izimvume kumele zishintshelwe kumalayisense okusebenza akhishwe ngaphansi komthetho ofanayo ngosuku olukhonjwe kusigatshana 1, okuthi uma kungenzeki iphelelwe yisikhathi.
Izimvume ebezingasebenzi ngesikhathi esibekwe ngu MEC ngokumemezela kuSomqulu angeke zishintshelwe kumalayisense okusebenza futhi ziyophelelwa yisikhathi esiyoshiwo kulesi simemezelo.
Mayelana nemvume ekhishelwe isikhathi esithile, ilayisense yokusebenza iyoba semthethweni ngesikhathi leso imvume iyobe isemthethweni ngaso.
Mayelana nemvume enesikhathi esingapheli, ilayisense yokusebenza nayo iyoba semthethweni isikhathi esingapheli, ngokuhambisana nalo Mthetho mayelana nokuhoxiswa, ukumiswa, ukushintshwa nokuphelelwa yisikhathi kwezimvume namalayisense.
Imvume angeke ishintshelwe kwilayisense yokusebenza ngaphandle kokuthi kuvezwe isitifiketi esisemthethweni sokuphila kahle noma sokufaneleka ukuba semgaqweni saleyomoto ngokwesigaba 54.
Izimvume zezithuthi ezibekelwe isikhathi ezinika amandla okusebenza endaweni echaziwe kumele zishintshelwe kumalayisense okusebenza echaza umgudu ngamunye namathebula alemigudu.
Izimvume zezithuthi ezibekelwe izikhathi ezikhishwe ngokwezivumelwano zesikhashana nezivumelwano ezisebenza ngalesosikhathi kumele zishintshelwe kumalayisense okusebenza ngokubalulwe kulezozivumelwano.
Izimvume zezithuthi ezingabekelwe zikhathi, kungabalwa ezamatekisi amamitha nezamatakitaki ezivumela ukusebenza endaweni echaziwe kumele zishintshelwe kumalayisense okusebenza achaza umgudu noma imigugu ngokusobala, kodwa indawo echaziwe inganikezwa ezimeni ezehlukile, njenganasemikhukhwini lapho kungekho khona imigwaqo ecacile.
Izimvume zezamatekisi amamitha kumele zishintshelwe kumalayisense okusebenza acaciselwe noma abekelwe indawo athatha kuyo abagibeli, ngokukwesigaba 8.
Indlela yokufaka izicelo ngaphasi kwesigatshana 2 izoba njengokuba imisiwe.
Isiphathimandla semvume akumele singenele isivumelwano esixhasiwe ngaphandle kokwamukela ithenda ngokwemigomo ebekwe ngu MEC, ngokuya ngoko Mthetho ka Zwelonke.
isigatshana 1 sizosebenza kanjalo kwizivumelwano zokuthutha ezingaxhasiwe, ngaphandle uma uMEC exolela ezokuthutha ezithile noma izinhlobo zevivumelwano kulezizidingongqangi ngokumemezela ku Somqulu.
Izivumelwano kumele zinikezwe ngu Mnyango noma yisiphathimandla sezokuthutha esifanelekile ngokuhambisana nezinhlelo zezokuthutha, ngokuya ngokwesigaba 39 5 ngoshintsho olufanele.
Uma noma yisiphi isivumelwano siphela, zonke izimvume namalaysense okusebenza ngokwendlela izithuthi ebezisetshenziswa ngayo ngaphansi kwesivumelwano ziyophelelwa ngamandla ngosuku lokupheliswa kwesivumelwano futhi zihaniswe kwi Bhodi zingakaphele izinsuku eziyisikhombisa.
b iBhodi, ngokucelwa yisiphathimandla sesivumelwano, kumele lihoxise noma yiyiphi imvume noma ilayisense yokusebenza enikeza amandla okusebenza kwimigudu ebandakanyeka kulesisivumelwano, uma ngabe umphathi wesivumelwano enxeshezelwa ngokokuboniswa okukhonjwe kusigaba 514 so Mthetho ka Zwelonke.
Asikho isinxephezelo esikhokhwayo uma kukhanselwa ilayisense yokusebenza noma imvume ngaphansi kwendima a yesigatshana 2.
Lapho izinhlelo zezokuthutha zibonisa isidingo sokwenezelela izithuthi kumgudu othile, isiphathimandla sezokuthutha singamemela kwi Bhodi izicelo zamalayisense okusebenza okuletha ezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi angatholwa ngokwesivumelwano kulowomgudu.
Umuntu noma iqembu elifisa ukusebenza ngezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi ngaphandle kwezithuthi ezikhonjwe kusiga 521, kumele lifake isicelo kwi Bhodi ukuze lithole ilayisense yokusebenza efanela.
Onelayisense angafaka kwi Bhodi isicelo sokuvuselela noma ukushintsha ilayisense yokusebenza.
Umuntu noma iqembu elifisa ukwedluliselwa ilayisense yokusebenza lingafaka isicelo esihambisana nemvume ebhalwe ngumphathi kwi Bhodi.
e zicacise imoto ezosetshenziselwa ukuba yisithuthi.
g zifake incazelo ehlalusisiwe yomgudu noma imigudu lapho umfaki sicelo esebenzela noma azosebenzela khona nazo zonke izindawo lapho abagibeli begitsheliswa khona noma bezogitsheliswa khona nalapho behliswa noma bezokwehliswa khona; bese h zifakwe kwiqembu labaphathiswa bezamalayisense okusebenza elibekelwe idolobhakazi elethile.
amafomu esicelo ngokwezicelo ezikhonjwe kuzigatshana 1, 2 no 3 ngokwezamatekisi angamakhumbi kumele zicabange ngezincomo eziphuma kwinhlangano yamatekisi asebenzela kulowomgudu, imigudu noma ibalazwe umfaki sicelo ayilunga layo, okumele agcwaliswe yinhlangano ngaphambi kokuhambisa isicelo, noma isitatimende esikhomba ukuthi ayikho enye inhlangano ekhona noma umfaki sicelo ungongelilunga orejistile.
Abafaki zicelo kumele basho ngokufunga kumafomu ezicelo ukuthi bake batholwa yini benamacala obugebengu emvelo emisiwe uma kunjalo, babale amacala futhi basho ukuthi bona noma abashade nabo, abalingani babo noma abalingani ngokwamabhizinisi noma abaqashi bayiziphathimandla zomthetho noma abameli bezomphakathi noma zabaphathiswa besi Fundazwe noma zabaphathiswa bakamasipala.
a IBhodi kumele lihambise izicelo zabezokuthutha abangenazo izivumelwano baziyise kwizikhungo zokuthutha zedolobhakazi elifanele elikhonjwe kusigaba 87 ukuthola izincomo, ngendlela ebekiwe, ngaphambi kokuveza isicelo.
b Lapho ikhansela noma isikhungo, esibonwa ngu MEC, sikhonela uhlobo lwezithuthi ezikhona, isikhungo sezithuthi sedolobhakazi kumele sixhumane nalo ngendlela ebekiwe ngaphambi kokuhanbisa izincomo zaso kwi Bhodi.
Ibhodi lingakhipha, ekutholeni isicelo ngendlela ebekiwe nasekukhokhweni kwemali ebekiwe, ilayisense yokusebenza yesikhashana engevile ezinsukwini ezingu 60 lapho isivumelwano sesinikiwe umfaki sicelo yilungu lombuso nelayisense yokusebenza efanele ekhonjwe kusigaba 391 ingakakhishwa ngosuku lokuqala kwesivumelwa.
IBhodi kumele likhiphe, ekufakeni isicelo ngonelayisense yokusebenza noma imvume ngendlela ebekiwe nasekukhokheni imali ebekiwe, isishicilelo semvume noma ilayisense yokusebenza, esiboniswe njengesisemthethweni ngomele iBhodi, ukusetshenziswa ngumphathi ngaphansi kwesigaba 47b, lapho isicelo sokuyidlulisela noma ukuyishintsha sesifakiwe kwi Bhodi sisalindile.
Ukuveza isicelo selayisense yokusebenza a Ofake ithenda osenikwe isivumelwano uyoba nelungelo lokunikwa ilayisene yokusebenza yemoto ngayinye eyosebenza lapho inikwe khona amandla yisivumelwano bese kumele ifake isicelo selayisense yokusebenza kwi Bhodi ngendlela ebekiwe yaleso sikhathi sesivumelwano.
b Ayikho imali yokufaka isicelo ekhokhelwa lesisicelo.
Omele iBhodi obekelwe lesisizathu unelungelo lokukhipha amlayisense okusebenza ngaphansi kwesigtshana 1, ngaphezu kwezimiso ezikhona kwenye indawo kulo Mthetho.
Lapho uhlelo olufanele lubonisa isidingo sezithuthi ezifakelwe isicelo, Ibhodi kumele lamukele lesosicelo, ngokuhambisana nanoma yimiphi imigomo ebekiwe ngokwohlelo, ngaphandle kokuthi kungumbono, ngokwezimo ezibalwe kwizindinyana a kuya ku d zesigatshana 7, ezithi umfaki sicelo noma imoto ayikho esimweni sokusebenza.
Lapho izinhlelo zingalungiswanga noma zingakaphethwa, iBhodi kumele libhekele izimo ezibalwe kwizindima a kuya ku j zesigatshana 7 ekuthatheni isinqumo sokuthi lichithe noma lamukele isicelo.
Lapho izicelo zamalayisense okusebenza zingaphezu kokuba iBhodi lingawakhipha ngokwezinhlelo ezifanele, kumele kuqalwe ngezicelo zokuvuselela amalayisense bese kuthi uma uhlelo lungakwazi ukufaka ezinye izithuthi, kubhekelwa lezo zimo ezibalwe kwizindimaa a kuya ku j zesigatshana 7 ekuhloleni izicelo.
ix uma iBhodi lithatha lesosinqumo, ilayisense yesitende noma amandla afanayo akhishwe ngaphansi komthetho kamasipala wendawo onika amandla okusethsenziswa kwesitende noma irenki, noma isincomo esiphuma kumasipala ofanele sokuthi indawo yerenki ikhona; noma x ezinye izimo okuthi, ngokombono we Bhodi, zingathinta ukulangaza ukuvuma noma ukuchitha isicelo.
IBhodi alikwazi ukubhekela isicelo selayisense yokusebenza esifakwe ngumqashwa wesiphathimandla sezokuthutha, ummeli wesikhungo sezogcinomthetho noma ifemu yokubhekela ezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi endaweni.
nokuthi lesisicelo asidingi ukusakazwa ngaphansi kwesigaba 42.
Ibhodi lingenqaba ukubheka isicelo sokukhishwa, ukuvuselelwa, ukushintshwa noma ukwedluliselwa kwelayisense uma selike labheka futhi lachitha isicelo esedlule, esasitholwe phakathi kwezinyanga eziyisithupha ngaphambi kosuku okwatholwa ngalo lesisicelo okokuqala, okungukuthi, ngokubona kwe Bhodi sinezimo ezifanayo noma ezisondelene kakhulu nezesicelo esishiwo ekuqaleni.
IBhodi lingakwazi, ekuvumeni isicelo, ukubeka imigomo engeke ingahambisani nalo Mthethi noma uMthetho ka Zwelonke.
Ukwenzela lesisigaba izithuthi zizothathwa njengezisuka lapho umuntu egibela khona imoto ngenhloso yokuhanjiswa kwenye indawo, futhi agcine lapho.
lapho kunokungabaza ukuthi izithuthi zizoqala kuphi, umfaki sicelo kumele afake isicelo kwisi fundazwe lapho imoto ekukhulunywa ngayo irejistwe khona.
Ibhodi alikwazi ukuvuma isicelo selayisense yokusebenza egunyaza ukusebenza ngezithuthi ezisuka kwesinye isifundazwe, noma ukuvuselela noma ukudlulisela ilayisense yokusebenza, noma sokushintsha ilayisense yokusebenza yokuqhuba ukusebenza kwesinye isifundazwe, ngaphandle uma kuvuma isiphathimandla sezokukhishwa kwama layisense okusebenza esisungulelwe lesosi fundazwe.
Lapho iBhodi lehluleka ukuthola impendulo edingekayo ephuma kwisiphathimandla sezokukhipha amalayisense okusebenza sakwesinye isifundazwe kwinkomba ekhonjwe kusigatshana 4, noma lehluleka ukuthola imvume yeBhodi esikhathini esibekiwe, iBhodi kumele lidlulisele loludaba njengesikhalo kwi Nkundla yokudlulisela izikhalo ngezokuthutha esungulwe ngu Mthetho we Nkundla yokudlulisela izikhalo ngezoku Thutha, ngendlela ebekwe ngokwalo Mthetho.
Izikhalo ezimaqondana nezithuthi phakathi kwezifundazwe kumele zenziwe kwinkundla yezikhalo ngezokuthutha njeboba kusho uMthetho we Nkundla yokudlulisela iziKhalo ngezoku Thutha, njengoba kufuneka ngokwalo Mthetho.
Ngokwezithuthi phakathi kwezifundazwe, abagibeli akumele bagitsheliswe noma behliswe noma yikuphi ngaphandle kwasezindaweni zokugibela noma lapho beya khona, ngaphandle kokuthi zingekho ezinye izithuthi phakathi kwezindawo zokugibela noma lapho beya khona nasezindaweni zokwehla noma zokugibela, noma, ngokwezamatekisi angamakhumbi, izinhlangano ezifanele amalunga azo asebenza kulowo noma kuleyomigudu zivumelene ngokwehlukile.
Ngokuhambisana nesigatshana 2, iBhodi kumele ngaphambi kokubhekela isicelo sokukhishwa, ukuvuselelwa, ukushintshwa noma ukudluliselwa kwelayisense yokusebenza, yenze ukuthi lisakazwe ku Somqulu ka Hulumeni ngendlela ebekiwe, imininingwane yesicelo ngengoba kungabe kubekiwe bese lichoma isaziso ngalesisicelo ebhodini lezaziso emahhovisi alo isikhathi esingangoba sibekiwe.
a sokushintsha imininingwane ethile yemoto chazwe kwilayisense yokusebenza; noma b singokwesivumelwano esikhonjwe kusigaba 391.
a kumele livumele umuntu, okuthe ngesikhathi esibekiwe, waletha izimiso zokuhlolisisa amafomu omfaki sicelo nezincwajana ezihambisana nawo ehhovisi le Bhodi ekukhokheni imali ebekiwe; bese b lingakwazi, ngokucelwa yilowomuntu, ukuthi limunike izishicilelo zamafomu namabhukwana omfaki sicelo ekukhokheni imali ebekiwe.
IBhodi ngokunjalo kumele livumele umfaki sicelo ukuthi ahlolisise, ngaphandle kokhokha, emahhovisi alo, nokwenza izishicilelo ekukhokheni imali ebekiwe, izimiso ezihlaba noma eziphakamisa isicelo sakhe.
Isikhathi nokuvuselela ilayisense yokusebenza a Amalayisense okusebenza ezimoto ukuthi zisebenze ngezithuthi ngokwezimo zezivumelwano kumele akhishelwe isikhathi esingadlulile kwesesivumelwano futhi ahambisane nezimo nemigomo yesivumelwano.
Ekunqanyulweni kwesivumelwano, ilayisense yokusebenza ehambisana naso kumele ibuyiselwe kwi Bhodi zingakedluli izinsuku eziyisikhombisa.
Lapho isivumelwano sesiphelile naleso esizosimela singakaphethwa noma ukulungiselela ukusivuselela kungakapheli ukuze umphathi akwazi ukuqhubeka nokusebenza ngesikhathi, iBhodi lingakwazi, ekucelweni yisiphathimandla sesivumelwano, ukuqhubezela isikhathi sokusebenza saleyo layisense isikhathi esingangokuba sicelwe yisiphathimandla.
d okungenzeka ukuthi ilayisense yokusebenza efakelwe isicelo, singaphela isidingo sayo ngokwesimo sezinhlelo zezokuthutha ezifanele;futhi e okungenzeka ukuthi ezokuthutha ezifakelwe isicelo, zinganikwa ithenda.
Ukuvuselelwa kwelayisense yokusebenza yezithuthi ezingenaso isivumelwano angeke sikhishwe ngaphandle kokuthi isiphathimandla sezokuthutha esifanele siveza ukuthi singakhishwa, ngokuhambisana nesigaba 39 5.
Ngokuhambisana nesigatshana 2, iBhodi kumele linikezele, ngeqembu lobuphathiswa bamalayisense okusebenza ngezokuthutha nangendlela ebekiwe, ilayisense yokusebenza ekhishiwe, evuselelwe, eshintshiwe noma edluliselwe ngokwalo Mthetho, ekumele idluliselwe, lapho kunesicelo selayisense yokusebenza entsha, yemoto echaziwe kumafomu esicelo.
i neminye imininingwane emisiwe.
Wonke amalayisense okusebenza akhishwe yi Bhodi kumele asayinwe ngusihlalo walo noma umuntu obekwe ngusihlalo ngokubhala phansi.
Ilayisense akumele iqashise ngaphandle uma imoto isebenza ngaphansi kwesivumelwano ngokokusebenza okungenalo uxhasomali noma ukusebenza ngesivumelwano.
IBhodi kumele ligcine endaweni yalo yebhizinisi wonke amalayisense okusebenza ewakhilphile noshintsho olwenziwe kuwo, futhi kumele ifake imininingwane ebekiwe yalapho neyomnikazi welayisense yokusebenza nezimoto ezifanele kwimininingwane ebekiwe efakwe kwi khomputha.
Lapho imoto esetshenziswa ngaphansi kwelayisense yokusebenza noma imvume isifile noma ingasetshenziswa ngenxa yokuthi ishayisile, iBhodi noma ilunga lalo elibekwe ngusihlalo, lingakhipha imvume yokuthi enye imoto isebenze esikhundleni sayo, uma kuhambisana nezigatshana 2 no 3.
Ubuningi babagibeli abangathwalwa yimoto emele enye kumele bube kumkhakha ongasetshenziselwa ezokuthutha ebezisetshenzwa yimoto emelwe ngokuka sheduli A.
Imoto emele enye ingasetshenziselwa isikhathi esincane esingevile ezinsukwini ezingu 42 kanjengoba kubeka iBhodi, lesosikhathi singanezelelwa ngokubona kwe Bhodi uma kunesicelo.
Imoto emele enye kumele, ngesikhathi isayimele, ithathwe njenganemoto okuyiyona eyakhishelwa ilayisense yokusebenza noma imvume.
g afake isicelo ngaphambi kwezinsuku ezingu 30 zokuphela kwemvume noma ilayisense yokusebenza, sokuvuselela ilayisense yokusebenza, noma sokushintsha imvume ibe yilayisense yokusebenza, uma efisa ukuvuselela noma ukushintsha.
j Ngokwezithuthi ezihamba izindlela ezikude, agcine emotweni efanele uhla lwabagibeli abagitshelisiwe, ngesimo nangendlela ebekiwe.
b ayixoleli umphathi ukuthi angenzi izidingongqangi ezibekwe ngaphansi kwalomthetho, ilayisense noma imvume ekhishwe esinye isiphathimandla.
Ukuhoxiswa, ukumiswa noma ukwehlukahlukana kwelayisense yokusebenza lapho ilayisense yokusebenza isikhishiwe ngokwesivumelwano, isiphathimandla sesivumelwano kumele sicele iBhodi ukuba lihoxise ilayisense yokusebenza lapho isivumelwano sesiphelisiwe nganoma yiziphi izizathu.
c umphathi welayisense yokusebenza ehlulekile ukuqalisa umsebenzi wezithuthi ogunyazwe yilayisense yokusebenza noma yingxenye yawo ngaphambi kwezinsuku ezingu 90 kukhishwe ilayisense yokusebenza; noma d umphathi welayisense yokusebenza eseyekile ukusebenza ngezithuthi noma iyiphi ingxenye yakho izinsuku ezingu 180 zilandelana.
b umphathi enikwe ithuba, yena uqobo noma ngommeli wakhe, lokuvela ngaphambi kwe Bhodi ukuzoveza ubufakazi noma ukuletha ubumelwana mayelana naloko okuhloswe ukwenziwa; futhi isiphathimandla sezokuthutha, noma lapho kungakabekwa khona isiphathimandla sezokuthutha, umasipala ofanele enikwe ithuba lokuveza ubumelwana bese enza amalungiselo ahlukile.
a engaqalisanga ngokusebenza ngezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi ezanikezelwa leyo layisense yokusebenza; nokuthi b iBhodi kungani lingamele liyikhansela ilayisense yokusebenza.
Lapho iBhodi laneliswa yizizathu ezibekiwe, umphathi waleyolayisense kumele avunyelwe esinye isikhathi esiyonqunywa yiBhodi, kodwa esingedlulile kwizinsuku ezingu 30, ukuthi aqalise ngalokho kusebenza, futhi umphathi kumele abikelwe lokhu ngokombhalo.
Uma linganelisekile, noma umphathi layisense ehluleka ukubeka izizathu esikhathini esivunyelwe lokho kwisaziso, iBhodi kumele likhansele ilayisense yokusebenza bese ngombhalo lazise umphathi ngalokhu bese limcela ukuthi abuyisele ilayisense yokusebenza kwi Bhodi kunye nezimpawu eziyizinkomba ezihambisana naleyo layisene yokusebenza, zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa kusukela ngosuku lwesaziso.
iBhodi kumele lihoxise imvume noma imvume yelayisense yokusebenza efanele ngokwesigaba 51 soMthetho ka Zwelonke, uma kufinyelelwe kwisivumelwano nomphathii welayisense sokunxephezela umphathi ngokulahlekelwa kwezomnotho ngendlela efanele futhi engenzeka ebhalwe ngokweziboniso ezinikwe ngokwesigaba 51 soMthetho ka Zwelonke.
Akekho okumele asebenze ngezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi ngokuhambelana nokwenzeka okuthile, njengane zemidlalo, umngcwabo noma umshado, ngaphandle kokunikwa amandla aleso sikhathi anikwe futhi apheleliswa ngaphansi kwalesisigaba.
a ezokuqashisa zizosebenza ngokwelayisense yokusebenza noma imvume efanele; noma b osebenza ngezithuthi ezosebenza ngokwemithetho yelayisense yokusebenza noma imvume eseyivele igunyaza izithuthi ezifanele kulowo mgudu noma kuleyondawo.
Umphathi welayisense angafaka isicelo sokunikwa igunya lalesosikhathi esisodwa, ekukhokheni imali ebekiwe.
IBhodi kumele libhale ngokulandelana amagunya esikhathi esisodwa eliwakhiphile futhi ligcine irejista yezigunyazo enamagama abanikazi abanikwe lezizigunyazi.
Ngaphambi kokuqhubeka nomsebenzi okhonjwe kusigatshana 1, umphathi layisense kumele agcwalise isigunyazi sesikhathi sisodwa salolohambo ngendlela ebekiwe futhi agcine isigunyazi sisemotweni efanele ngasosonke isikhathi uma enza umsebenzi futhi asivezele isiphathimandla esisemthethweni uma sisifuna.
ngokushesha ngangokuba kungenzeka, kodwa kungabi ngale kwamahora angu 72 ngemuva kokuqeda umsebenzi lowo, umphathi kumele ahambise kwi Bhodi isishicilelo esigcwalisiwe sesigunyazo sesikhathi esisodwa kuthi uma kungezamatekisi angamakhumbi, kanjalo nenhlangano ayilunga layo, uma umphathi eyilunga lenhlangano, nakwinhlangano erejistiwe esebenza kulowomgudu noma ibalazwe.
IBhodi lingamnqamula umphathi uma ejwayela ukusebenza ngezokuthutha zesikhashana ngaphandle kokugcwalisa izigunyazi ezifanele, noma ojwayela ukungasebenzisi ngendlela izigunyazi zesikhathi esisodwa.
Izigunyazi zesikhathi esisodwa kumele zibe sesimweni esibekiwe.
c umphathi akumele asebenze ngezamatekisi angamakhumbi endaweni ngesikhathi elindele abagibeli.
Lapho u MEC esenze njengoba kukhonjwe ngaphansi kwesigaba 932 ukuvala imigudu, u MEC angatshela iBhodi ukuthi limeme izicelo zamalayisense okusebenza ngesimo esehlukile okusebenza kuleyo migudu.
Izicelo ezingaphansi kwesigatshana 1 kumele zibe sesimweni esibekiwe futhi ngemali ebekiwe.
IBhodi kumele libhekele isicelo esenziwe ngaphansi kwesigatshana 1 futhi lingamukela ingxenye noma sonke lesisicelo ngokokubona kwalo, noma ngabe yikuphi elikukhethayo kuhambelane nemigomo efunwa yi Bhodi , noma lisenqabe isicelo.
Amalayisense okusebenza ngesimo esehlukile kumele akhishelwe isikhathi esifushane esingevile ezinsukwini ezingu 21.
IBhodi lingawadlulisela amandla alo ngaphansi kwalesisigaba liwadlulisele kwi lunga noma omele iBhodi.
Noma kunini lapho imvume noma ilayisense yokusebenza enikeza amandla okuthuthela inzuzo ikhomba ukuthi umphathi kumele ahambisane nomgomo wokuthi ukuthutha kumele kwenzeke ngendlela evunywe noma ebekwe yi Bhodi, lowomphathi welayisense yokusebenza angakwazi ukuthi kuthi ngemuva kokukhuphuka kwentengo ka phethilomu e kwi Riphabhuliki, akhuphule intela ngenani elithile, kodwa kungabi ngaphezu kwamaphesenti angu 10, uma kuthi kungakapheli izinsuku ezingu 10 ngemuva kokwenyuka kwentela kanjalo, umphathi welayisene afake isicelo kwi Bhodi sokuthi kwenziwe ushintsho olufanele kuleyo mvume noma ilayisense yokusebenza ngaphansi kwalo Mthetho.
a okungenani oyedwa kumele abe nesipiliyoni esifanele ekusebenzeni njengo mmeli, b omunye noma abanye kumele babe nezipiliyoni ezisabalakile noma batshengise ikhono kwezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi.
Amalunga alekhomishana akhethwe ngaphambi kokuqala kwalo Mthetho ayoqhubeka ehhovisi njengamalunga eBhodi lokudlulisela izikhalo kuze kuphele isikhathi sawo sokuqashwa ngaphandle uma u MEC enqamula ukuqashwa kwawo singakapheli.
a Ngaphambi kokuqasha amalunga e Bhodi lokudlulisela izikhalo u MEC kumele akhiphe isaziso senhloso yokwenza lokhu bese emema izicelo zobulunga, kwiphephandaba okungenani elilodwa elikhona kwi Sifundazwe, ngolwimi lwesingisi nangolwimi okungenani olulodwa olunye . olusemthethweni olukhulunywa kakhulu kwi Sifundazwe.
b Ngaphambi kokuqasha ilunga, u MEC kumele akhiphe isaziso, ngendlela efanayo, amagama abantu acabanga ukubaqasha kwi Bhodi lokudlulisela izikhalo bese emema imibono nezimiso ngalokho.
c U MEC kumele abhekisise noma yimiphi imibono nezimiso azitholayo.
c owawa futhi engakavuki kwezamabhizinisi;noma d wake watholwa enecala eliphathelene nokungethembeki noma wake wasuswa ehhovisi lomphakathi ngenxa yokungaziphathi kahle.
Uma kunokucabangela ukuqasha noma ngubani ukuthi abe lilunga leBhodi lezikhalo, lowomuntu kumele aveze ngokusobala ku MEC, ngokombhalo, noma yiyiphi inzuzo angase ayithole kunoma yiyiphi ingxenye yemboni yezokuthutha abahamba ngezimoto zomphakathi, ukwehluleka ukwenza lokhu kuyoba yicala.
Usihlalo weBhodi lokudlulisela izikhalo akumele aqashwe isikhathi esevile kwimonyaka emithathu, kuthi amanye amalunga ebhodi isikhathi esingedlule kwiminyaka emibili, ngokuhambelana nemigomo yalo Mthetho, abe sehhovisi ngemigomo yokuhola futhi ngale kwalokho njengoba u MEC engabeka ngesikhathi beqashwa.
Uma kuzoba noma kunesikhala somsebenzi ehhovisi lika sihlalo noma ilunga le Bhodi yokudlulisela izikhalo, u MEC kumele, ngokuhambisana nalesisigaba, athathe izinyathelo ngokushesha ukugcwalisa lesosikhala ngokuqasha umuntu ofanele ongeke ehliswe yizimiso ezishiwo kusigatshana 5.
Umuntu osephelewe yisikhathi sokuba sehhovisi njengelunga le Bhodi lezikhalo, uyoba nelungelo lokuphinda aqashwe.
INhloko yo Mnyango kumele, ngokuhanbisana nemithetho ebhekele ezomphakathi, inikezele ngabasebenzi abafanele ukusiza iBhodi lezikhalo ekwenzeni imisebenzi yalo.
Imisebenzi yeBhodi lezikhalo iyoba ngukulalela izikhalo ezihlobene nezicelo zezithuthi ezihamba phakathi kwezifundazwe.
Ilunga leBhodi lokwedlulisela izikhalo lingesula ngokubhalela u MEC isaziso sezinyanga ezimbili.
d eselehluleke ukuhambela imihlangano yaze yaba mithathu ilandelana ngaphandle kwesizathu esezwakalayo.
b lisusiwe ehhovisi ngaphansi kwesigatshana 2.
e lenqabe ukulalela umuntu ovele ngaphambi kwalo kodwa owenqaba ukufunga noma ukufungiswa.
Umuntu ophethe umhlangano weBhodi lezikhalo lapho kukhona ovela njengofakazi njengoba kukhonjwe kusigatshana 1, angahola isifungo noma afungise umuntu ozovela phambi kwe Bhodi.
IBhodi lokudlulisela izikhalo lingamnika umuntu ofunayo uma ecela izizathu zesinqumo esithathiwe.
Imihlangano yeBhodi lezikhalo kumele ibanjwe ngemithetho ebekiwe nangezikhathi nasezindaweni ezibekiwe.
Usihlalo kunye nelunga okungenani elilodwa bayasenza isibalo esingabamba umhlangano osemthethweni.
Uma usihlalo weBhodi lezikhalo engakwazi ukuhambela umhlangano walelo Bhodi, usihlalo uyakwazi ukuqoka elinye ilunga lalelo Bhodi ukuthi limmele njengosihlalo walowo mhlangano.
Isinqumo seningi samalunga eBhodi lezikhalo akhona emhlanganweni siyba yisinqumo salelo Bhodi ngokwalezozinto futhi esimweni samavoti alinganayo, umuntu owengamele umhlangano uyoba nelinye ivoti ngaphezu kwelangesibomu.
Asikho isenzo, indlela noma isinqumo se Bhodi lezikhalo esingathathwa njengesingekho ngesizathu sokuthi, ngesikhathi isenzo senziwa noma indlela noma isinqumo sikhishwa, kwakukhona isikhala somsebenzi kulelo Bhodi noma umuntu owabe elilunga leBhodi wehliswa ekubeni lilunga ngaphansi kwesigaba 555 , nomangabe ukuvuma kwalowomuntu kwakukudingeka ekwenzeni lesosenzo noma ekunikezeni leyondlela noma isinqumo.
IBhodi lezikhalo kumele lilalele izikhalo ngaphambi kwezinsuku ezingu 60 ngemuva kokuthola isaziso ngesikhalo bese lidlulisa isinqumo salapho kubobonke abafanele ngesikhathi esibekiwe.
futhi uyathinteka yisinqumo se Bhodi noma uMbhalisi, angakwazi, ngendlela nangesikhathi esibekiwe, ukukhala ngaphmbi kwebhodi lezikhalo.
Lapho iBhodi lazisa umuntu ngombhalo ngesinqumo esikhonjwe kusigatshana 1, usuku lwaleso saziso esibhaliwe luyothathwa ngokuthi luwusuku okwakhishwa ngalo isinqumo.
i lithathe esinye isinqumo esikhundleni saleso se Bhodi;noma ii libuyisele udaba emuva kwi Bhodi ukuthi liyiphinde liyibheke; noma c libambe ukuzwiwa kwesikhalo ngokungagcwele bese lishintsha isinqumo.
IBhodi lingasivuma noma lisichithe isicelo sokumisa ukusebenza kwesinqumo seBhodi noma uMbhalisi ekukhalwa ngaso, futhi lesisicelo kumele senziwe ngendlela ebekiwe nangesikhathi esibekiwe.
a Ngaphambi kokukhetha ummBhalisi noma umelekeleli, u-MEC kufanele ashicilele isaziso salokho, ameme nezicelo zokuba amalungu, ephepheni okungenani elilodwa okuyilo livamile esiFundazwe, sibe yisingisi kanye nolunye lwezilimi ezisemthethweni nolukhulunywa kabanzi esiFundazwe.
b Ngaphambi kokuqoka umBhalisi noma umelekeleli, u-MEC kufanele ashicilele, ngendlela efanayo, amagama abantu aphakamisa ukubaqoka ameme imibono neziphakamiso ngalokho.
c U-MEC kumele abhekisise imibono neziphakamiso azitholile kulokhu.
a noma ashade naye, ilungu lomndeni wakhe ngqo, abondlayo, umlingani ebhizinisini noma umqashi, enentshisekelo ebhizinisini yokuthwalwa komphakathi emgaqweni noma ekhethwe waba nesikhnundla kusosiyeshini, noma ebambe iqhaza, u-MEC abona lingaba inqinamba ekugcineni kwakhe umsebenzi wakhe.
c enezikweleti ezingaphezulu kwempahla anayo; noma d elahlwe yicala loungathembeki noma exoshiwe kwahulumeni ngenxa yokukhwabanisa.
Uma ukuqokwa kwanoma ubani njengomBhalisi noma umelekeleli kubhekelelwa, lowo muntu kufanele amazise u-MEC, ngokubhalwe phansi, noma yini anentshisekelo kuyo maqondana nemboni yezokuthuthwa kwabagibeli emgaqweni, uma engakwenzi lokho kuyobe wenze icala.
UmBhalisi nabalekeleli kufanele bakhethelwe ukuba sezikhundleni isikhathi esingeqile eminyakeni emithathu futhi, ngokwalo mThetho, babe sesikhundleni ngemibandela ehambisana neholo nangangoba kunqume u-MEC ngesikhathi beqahswa.
Uma kuvela isikhala ehhovisi likamBhalisi, u-MEC kufanele aqashe umBhalisi omusha okade eyijaji noma imantshi, noma ummeli osebenze njengommeli iminyaka okungenani emihlanu, noma, uma ngokubona kuka-MEC, enokuqeqesheka noma isipiliyoni esifanelekile ukuthi agcine imisebenzi kamBhalisi ngaphansi kwalo mThetho.
Uma kuba nesikhala ehhovisi likamlekeleli, u-MEC kufanele aqashe umBhalisi omusha okufanele kube umuntu onesipiliyoni esibanzi nekhono kwezokuthuthwa kwabantu bomphakathi emgaqweni.
Umuntu osephelelwe yisikhathi sokuba sesikhundleni sokuba umBhalisi, usebgaphinda futhi aqashwe.
Inhloko yomNyango kufanele, ngokuhambisa ngomthetho wakwahulumeni, anikele ngabasebenzi abadingekayo ukunceda umBhalisi emsebenzini wakhe.
UmBhalisi noma umelekeleli angayeka emsebenzini ngokunikeza u-MEC isaziso salokho esiyizinyanga ezimbili.
d uma kungumelekeleli, ohlulekile ukwethamela imihlangano yaze yaba mithathu ilandelana ngaphandle kwesizathu esizwakalayo.
b esuswa esikhundleni ngokwesigatshana 2.
i abhekisise futhi anqume ukumisa noma ukukhansela ukurejistwa kukasosiyeshini noma ilungu lwo nanoma iliphi nje ilungu.
f enqabe ukulalela ubufakazi obuqhamuka kumuntu ngaphandle uma lowo muntu ebufungele ubufakazi abethulayo.
UmBhalisi angamfungisa umuntu ovela njengofakazi phambi kwakhe.
UmBhalisi kufanele anikeze lapbo abanentshisekelo, lapho becela, izizathu zesinqumo asithathile.
Imihlangano kamBhalisi nabalekeleli kufanele ibanjwe ngokwenqubo nangokubekiwe nangezikhathi nasezindaweni ezibekiwe.
Izinqumo zaleyo mihlangano kufanele zithathwe ngokuvumelana, umBhalisi abe nezwi lokugcina lapho kungekho ukuvumelana.
Akukho sinqumo esithathwe kulowo mhlangano esiyoba esingekho emthethweni uma, sathathwa kunesikhala esikhona kubalekeleli noma uma umuntu abe engongavumelekile ngokwesigaba 605.
Usosiyeshini, ilungu noma ongesilona ilungu ofisa ukubhaliswa kufanele abhalise kumBhalisi, ngendlela nakwifomu ebekiwe, afake isicelo sokubhaliswa sihambisane nemali yokufaka isicelo, uma ikhona, kanjalo nemininingwane edingwa yilo mThetho nomBhalisi.
Uma ekubhisiseni isicelo nokuthola ukuthi imininingwane enikeziwe iyiyo na, umBhalisi aneliseka ukuthi ofake isicelo uzigcinile izidingongqangi, umBhalisi kufanele amubhalise ofake isicelo.
Uma kuthe lapho esesibhekisisile isicelo umBhalisi wangeneliseka ukuthi ofake isicelo uzigcinile izidingingqangi, umBhalisi kufanele amazise ofake isicelo ngezidingongqangi angazenelisanga futhi angamsiza ofake isicelo ngezaluleko amelekelele ukuze akwazi ukuhambisana nezidingongqangi.
Lapho usosiyeshini, ilungu nongesilona ilungu ebhalisiwe, umBhalisi kufanele afake imininingwane yakhe kwirejista ebekiwe yesifundazwe futhi kufanele anikeze usosiyeshini, ilungu noma ongesilona ilungu, inombolo nesitifikethi sokurejista esikwifomu ebekiwe.
UmBhalisi kufanele aphinde futhi akhiphe, ngokubekiwe, umaka yokwehlukanisa waleyo naleyo moto yelunga elibhalisile noma lowo ongesilona ilungu omoto yakhe esetshenziswa ngokwegunyazo elifanele noma nngokwemvume noma ilayisense yokusebenza.
Lapho usosiyeshini usubhalisile, ilungu noma ongesilona ilungu othutha anqamule izifundazwe, umBhalisi kumele adlulisele kuminyango noma abaBhalisi ababhekene nezokuthutha amakhophi ezitifiketi zokubhalisa nayo yonke imininingwane yokubhalisa wesifundazwe lapho ilungu noma ongesilona ilungu esebenzela khona.
Lapho umBhalisi aziswe umBhalisi wesinye isifundazwe ukuthi usosiyeshini, ilungu nongesilona ilungu ubhalisiswe kwesinye isifundazwe, umBhalisi kufanele akuqophe lokho emabhukwini akhe, kanjalo neminingwane yakhona ayinikezwe omunye umBhalisi.
Usizo oluqhamuka kuHulumeni wesiFundazwe saseGauteng elunikeza ososiyeshini nabasebenzi luyonikezwa kuphela labo ababhaliswe ngokwalo mThetho.
Akukho msebenzi noma mmeleli kasosiyeshini ongakwazi ukwethula inkulumo yakhe kwisikhungo samatekisi noma kumgwamanda ofana nalowo ngokwalo mThetho ngaphandle uma ibhaliwe ngokwawo umThetho.
Emva kosuku oluyonqunywa ngu-MEC ngesaziso kwiGazethi, akukho muntu osebenza ngamatekisi oyoqala umsebenzi, futhi akukho sosiyeshini oyoqhuba ibhizinisi, ngaphandle kokuthi ebhalisiwe ngokwalo mThetho.
UmBhalisi angakumisa noma akukhansele ukubhaliswa kukasosiyeshini ohlulekile ukugcina umyalelo okhishwe ngaphansi kwesigatshana 1.
g yilelo nalelo lungu likasosiyeshini libukhiphile ubufakazi obumenelisile umBhalisi ngokuthi ilungu lelo libhalisile njengomuntu okhokha intela ngaphansi komthetho wokuNgena kweMali, noma, ngokwalo mthetho akadingi ukubhalisa; futhi h yonke imininingwane edingwa ngumBhalisi ngokwalo mThetho noma ebinikeziwe futhi osebutholakele ubufakazi bayo ngendlela leyo ebekiwe.
Lapho usosiyeshni usubhalisiwe, umBhalisi kufanele abhalise lelo nalelo lungu ayitholile imininingwane yalo ayidingayo ebifakwe kwifomu yesicelo futhi onemvume efanele noma ilayisense yokusebenza, njengelungu likasosiyeshini.
Amalungu amasha kasosiyeshini obhalisiwe lapho usosiyeshini omusha amukele amalungu amasha anemvume efanele noma ilayisense yokusebenza emgudwini noma emigudwini efanele, kufanele zithi zingakapheli izinsuku eziyi-14 emva kalokhu kwamukela, ubhale umazise umBhalisi futhi umnikeze imininingwane edingekayo nebekiwe ukuthi iyazise yale lilungu, yilapho-ke kumele umBhalisi alibhalise lelo lungu njengelungu likasosiyeshini.
Lapho usosiyeshini amukele njengelungu okwesikhashana osebenza ngesithuthi ukuthi abe yilungu ebe engenayo imvume noma ilayisense emgunyazayo ukuthi asebenze emgaqweni, kufanele zithi zingakapheli izinsuku eziyi-14 amukeliwe, iBhodi ibhalelwe yaziswe ngalokhu kumamukela ibuye futhi yaziswe iBhodi ngemininingwane ebekiwe nedingekayo.
Osebenza ngesithuthi okukhulunywa ngaye kwisigatshana 2 kufanele afake isicelo selayisense yokusebenza efanele zingakapheli izinsuku eziyi 14 amukeliwe njengelungu okwesikhashana futhi anikeze umBhalisi imininingwane ebekiwe nedingekayo.
Ukuthi kukhona osebenza ngesithuthi owamukelwe okwesikhashana njengokubekiwe kwisigatshana 2, noma ukuthi lomsebenzi ufake isicelo selayisense yokusebenza njengokubekiwe kwisigatshana 3, akusho ukuthi umsebenzi lowo usenelungelo lokusebenza ngezithuthi ezithwala abagibeli emgaqweni.
Uma kwenzeka iBhodi ikhipha ilayisense iyinikeza lelilungu ebelamukelwe okwesikhashana, iBhodi kumele imazise umBhalisi zingakapheli izinsuku eziyi 14 futhi inikeze umBhalisi ikhophi yelayisense yokusebenza kanye nemininingwane eqondene nelungu lelo etholakale kwiBhodi kasosiyeshini oqondene.
Kufanele athi uma eyithola imininingwane umBhalisi, alibhalise ilungu njengelungu likasosiyeshini.
Uma owamukelwe okwesikhashana ahluleka ukufaka isicelo selayisense yokusebenza esikhathini esibekiwe kwisigatshana 3, noma uma kwenzeka iBhodi imazisa ukuthi isicelo sakhe asiphumelelanga, usosiyeshini kumele abumise ubulungu balelo lungu zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa emva kwaleso sikhathi esibekiwe kwisigatshana 3, noma emva kwaleso saziso, lokho nje okuyikho.
d ebukhiphile ubufakazi obumanelisayo umBhalisi ukuthi ongesilona ilungu ubhalisiwe njengokhokha intela ngokomThetho weNtela, noma, ngokwalowo mThethotho.
bb uma izidingongqangi zokwamukelwa njengelungu kusosiyeshi kungezingenalo iqiniso cc ngenxa yezizathu ezikhona, kungelindeleke ukuthi ofake isicelo abe yilungu likasosiyeshini; noma dd kunezinsolo zokuthi uma ofake isicelo engamukelwa njengelungo kusosiyeshini, angabhekana nokubandlululwa okungenalo iqiniso.
Lapho ongesilona ilungu efisa ukufaka isicelo selayisense yokusebenza, kufanele aqale afake isicelo kumBhalisi ngendlela nangefomu ebekiwe yokubhaliswa njengongesilopna ilungu.
UmBhalisi kufanele ukuthi ofaka isicelo ngaphansi kwesigatshana 2 uzigcinile na izidingongqangi zesigatshana 1, uma kunjalo, amnikeze ofake isicelo isitifiketi salokho ukuze asinikeze ibhodi.
Umakwenzeka iBhodi iyivumela futhi iyikhipha ilayisense yokusebenza iyinekeza ilungu lelo, iBhodi kumele imazise umBhalisi zingakapheli izinsuku eziyi-14 imnikeze futhi umBhalisi nekhophi yelayisense yokusebenza.
UmBhalisi kufanele kuthi lapho ethola le mininingwane, ambhalise ongesilona ilungu.
UmBhalisi angamisa noma ahoxise ukubhaliswa kukasosyeshini noma osebenza njengomthuthi uma ehlulekile ukugcina izidingo zomthetho noma imithetho yenqubo ebekiwe kumthethosisekelo wamazinga abalulekile noma kmthetho wokuziphatha kwabangesiwona amalungu, lokho nje okuqondene, noma ngokunye nje ukuziphatha okubekwe njengokungesikhona okufanele.
Lapho kutholakala khona isikhalazo, ukubeka icala noma izinsolo ngenxa yemininingwane esifike ezindlebeni zakhe, umBhalisi kufanele avule uphenyo ngokwenqubo leyo ebekiwe.
Ngaphambi kokuvula uphenyo, umBhalisi kufanele aqale abhale isexwayiso asiqondise kusosiyeshini noma kosebenza emgaqweni amtshele ukuthi, makalungise isimo leso sokwahluleka kwakhe singakapheli isikhathi leso esibhalwe kwisixwayiso, okufanele singabi ngapansi kwezinsuku ezi-21.
b thumela isinqumo esisayinwe nguye esimisa okwesikhasha isitifiketi sokubhaliswa; noma c thumela isinqumo esisayinwe nguye esihoxisa isitifiketi sokubhaliswa.
Maduzane nje emva kokukhipha isinqumo sokuthi igama likasosiyeshini noma longesilona ilungu malikhishwe kwirejista, umBhalisi kumele athumele ikhophi efakazelwe ayiqondise kwiBhodi nakwisikhulu esiphezulu emnyangweni wakwahulumeni noma kwisikhungo esinikeza lowo sosiyeshini noma amalungu kumbe umsebenzi izinzuzo noma usizo.
Izigaba 69,73, 74 no 76 yizo ezisebenzayo, kanye noshintsho oludingekayo, ekubhalisweni kososiyeshini bamatekisi amamitha, amalungu nabangesiwona amalungu, ukufunda kulezo zigaba " izinsizakalo zamatekisi amamitha " ukuchaza "izinsizakalo zamabhasana angamatekisi".
g yilelo nalelo lungu likasosiyeshini libukhiphile ubufakazi obumenelisile umBhalisi ngokuthi ilungu lelo libhalisile njengomuntu okhokha intela ngaphansi komthetho wokuNgena kweMali, noma, ngokwalo mthetho akadingi ukubhalisa; futhi h yonke imininingwane edingwa ngumBhalisi ngokwalo mThetho noma ebinikeziwe futhi osebutholakele ubufakazi bayo ngendlela leyo ebekiwe.
e ebukhiphile ubufakazi obumanelisayo umBhalisi ukuthi ongesilona ilungu ubhalisiwe njengokhokha intela ngokomThetho weNtela, noma, ngokwalowo mThethotho. Akadingi ukukubhalisela lokho; futhi f ebukhiphile bonke ubufakazi obudingwa umBhalisi ngokwalomThetho nangokunye futhi leyo miningwane seyifakazisiwe ngokubekiwe.
Lapho ongesilona ilungu efisa ukufaka isicelo selayisense yokusebenza, kufanele aqale afake isicelo kumBhalisi ngendlela nangefomu ebekiwe yokubhaliswa njengongesilopna ilungu.
UmBhalisi kufanele athole ukuthi ofaka isicelo ngaphansi kwesigatshana 2 uzigcinile na izidingongqangi zesigatshana 1, uma kunjalo, amnikeze ofake isicelo isitifiketi salokho ukuze asinikeze ibhodi.
Uma kwenzeka iBhodi iyivumela futhi iyikhipha ilayisense yokusebenza iyinekeza lowo ongesilona ilungu, iBhodi kumele imazise umBhalisi zingakapheli izinsuku eziyi-14 imnikeze futhi umBhalisi nekhophi yelayisense yokusebenza.
UmBhalisi kufanele kuthi lapho ethola le mininingwane, ambhalise ongesilona ilungu.
Kusukela osukwini oluyomiswa ngu-MEC ngesaziso kwiGazethi, akukho muntu ongashayela imoto enkeza izinsizakalo zetekisi yemitha, ngaphandle uma lowo mshayeli ephase ukuhlolwa okuyinqubo emisiwe, futhi u-MEC noma umasipala emnikeze isitifiketi salokho , ngendlela nakwifomu ebekiwe.
Izigaba 69,73, 74 no 76 kufanele zisebenze ekubhalisweni kososiyeshini bezinsizakalo zohlobo lwamabhasi okuthutha nawokungcebeleka, amalungu nabangesiwona amalungu abo, ukufunda kulezo zigaba " izinsizakalo zohlobo lwamabhasi " noma "uhlobo lwamabhasi okungcebeleka" lokho nje okuqondene, ukuchaza "izinsizakalo zamabhasana angamatekisi".
g yilelo nalelo lungu likasosiyeshini libukhiphile ubufakazi obumenelisile umBhalisi ngokuthi ilungu lelo libhalisile njengomuntu okhokha intela ngaphansi komthetho wokuNgena kweMali, noma, ngokwalo mthetho akadingi ukubhalisa; futhi h yonke imininingwane edingwa ngumBhalisi ngokwalo mThetho noma ebinikeziwe futhi osebutholakele ubufakazi bayo ngendlela leyo ebekiwe.
c esebenza ngezinsizakalo eziqondene naleyo mvume noma ilayisense, ngokuhambisanayo nemibandela exhunyelwe kwimvume noma ilayisense yokusebenza; futhi d ebukhiphile ubufakazi obumanelisayo umBhalisi ukuthi ongesilona ilungu ubhalisiwe njengokhokha intela ngokomThetho weNtela, noma, ngokwalowo mThethotho.
Lapho ongesilona ilungu efisa ukufaka isicelo selayisense yokusebenza, kufanele aqale afake isicelo kumBhalisi ngendlela nangefomu ebekiwe yokubhaliswa njengongesilopna ilungu.
UmBhalisi kufanele athole ukuthi ofaka isicelo ngaphansi kwesigatshana 2 uzigcinile na izidingongqangi zesigatshana 1, uma kunjalo, amnikeze ofake isicelo isitifiketi salokho ukuze asinikeze ibhodi.
Uma kwenzeka iBhodi iyivumela futhi iyikhipha ilayisense yokusebenza iyinekeza lowo ongesilona ilungu, iBhodi kumele imazise umBhalisi zingakapheli izinsuku eziyi-14 imnikeze futhi umBhalisi nekhophi yelayisense yokusebenza.
UmBhalisi kufanele kuthi lapho ethola le mininingwane, ambhalise ongesilona ilungu.
U-MEC angawamukela amaqembu abasebenzisi noma abathuthi babagibeli abasebenzisa ezokuthutha umphakathi, noma abashayeli bezimoto ezisetshenziselwa le zinsizakalo, njengemikhandlu yamadolobhakazi, ngenhloso yale Ngxenye, njengabamele abasebenzisi, abasebenza ngezithuthi noma abashayeli.
Ngaphezulu kwezikhungo namakomidi asungulwe yile Ngxenye, u-MEC angayalela ukuthi makumiswe ezinye izakhiwo ezifana nalezo, mhlawumbe ukumela uhlobo oluthile lwabagibeli bezinto zomphakathi, noma iqembu lwalezo zindlela.
k ababili kufanele bamele izinyunyana zabashayeli.
Uma omele engetholakale, u-MEC angafaka omunye kuleso sikhundla kepha kungabi yinto yanomphelo.
Ngaphambi kokukhetha ilungu le-PPPTF, u-MEC kufanele ameme amagama akhethwayo kwimigwamanda noma izinhlangano ngokuthumela noma ukushicilela isaziso ngendlela leyo eyobonwa ngu-MEC.
Uma amagama akhethwayo engatholakalanga ngesikhathi esibekiwe kwisaziso, u-MEC angabakhetha abantu, ngokuhambisanayo nale sigaba, abazoba amalungu e-PPPTF uma ekubona kufanele.
Usihlalo we-PPPTF kufanele kube yisikhulu sehhovisi lomNyango. Amalungu kufanele akhethe omunye wamalungu ayo abe yisekela likasihlalo, kube uye njalo owenza imisebenzi kasihlalo uma engekho.
U-PPPTF kufanele amise inqubo nezikhawu zemihlangano yakhe, inqobo nje uma ehlangana kanye ngekwata.
d liba sesimweni sokungakwazi ukugcina imisebenzi yalo; noma e engasayimele inhlangano noma imboni ayekhethelwe ukuyimela.
i ukuxhumanisa abagibeli namaqembu noma izigceme ezimele abagibeli, nokubhekana nezikhalazonezinkinga zabagibeli.
Leso naleso siphathimandla esiFundazwe kufanele sisungule isikhungo sezokuthutha kwidolobhakazi MTF endaweni engaphansi kwaso.
j kwababili abangonongoti abangasizwayo kwezokuthuthwa kwabagibeli bomphakathi noma kube abantu abanesipiliyoni esibanzi noma abakhombise ikhono kwezokuthutha noma kwezemvelo noma ezezimali.
Uma engekho okhethiwe, isiphathimandla sedolobhakazi singamfaka omunye umuntu esikhundleni sakhe kepha yena akufanele abe unomphelo.
Ngaphambi kokukhetha amalungu e-MTF, isiphathimandla sedolobhakazi kufanele simeme amagama abakhethwayo kwimigwamanda noma izinhlangano eziqondene ngokukhipha isaziso ngendlela ebekiwe.
uma engatholakali amagamaakhethwayo ngesikhathi esibekiwekwisaziso, isiphathimandla sedolobhakazi, ngokuhambisanayo nale sigaba, singawakhetha amalungu e-MTF ewabona efanele.
Isiphathimandla sedolobhakazi kufanele sikhethe oyedwa osimele abe usihlalo. Amalungu kufanele akhethe omunye wawo abe yiphini likasihlalo, okufanele enze imisebenzi kasihlalo uma engekho.
U-MTF kufanele ahlangane ngezikhathi nangendlela nenqubo ebekiwe.
Ilungu le-MTF kufanele liphume esikhundleni uma lisuswa esikhundleni ngokwesigatshana 8 noma uma liyeka ngokufaka inothisi libhalele umasipala nomaisiphathimandla esiqondene.
d liba sesimweni sokungakwazi ukugcina imisebenzi yalo; noma e engasayimele inhlangano noma imboni ayekhethelwe ukuyimela.
ix nezindaba zokuphepha; kanye x nokwabiwa kwezinsizakalo.
e zifake isandla kwizinhlelo zeziphathimandla zezithuthi zabagibeli bomphakathi emgaqweni, iBhodi nezinye iziphathimandla, kanye f nokwenza eminye imisebenzi ebekwe u-MEC noma yimithetho yomasipala, noma enconywe kwimihlahlandlela eshicilelwe nguMEC noma yisiphathimandla sedolobhakazi.
f nabanye abantu nemigwamanda emisiwe.
Uma omunye wabamele okukhulunywa ngabo kwisigatshana 2 engekho, isiphathimandla esiqondene singamfaka omunye umuntu esokhundleni sakhe kepha kungabi okomphelo.
Isikhungo samatekisi edolobhakazi kufanele sikhethe omunye wamalungu aso abe usihlalo.
Izikhungo samatekisi edolobhakazi kufanele ahlangane ngezikhathi nangendlela nenqubo ebekiwe.
viii namarenki, nezinto zokusebenza nokuthuthukiswa kwazo; kanye ix nezindaba zokuphepha.
l Benze neminye imisebenzi ebekiwe kwimithetho yomasipala noma imihlahlandlela enconyiwe.
Bonke omasipala ngaphandle kwesiphathimadnla sedolobhakazi kufanele basungule ikomidi yokuxhumanisa amatekisi endawo maqondana nezindawo ezingaphansi kwabo noma maqondana nezindawo ezithize endaweni.
Imisebenzi yekomidi yokuxhumanisa amatekisi endawo kuzoba ukufaka isandla kwisikhungo esiqondene samatekisi edolobhakazi maqondana nezinto ezibekiwe kwisigaba90.
U-MEC angayakha imithethonqubo ebeka imigomo yobulungu nemisebenzi yamakomidi yalawo makomidi angabaxhumanisi, nenqubo nezikhawu zemihlangano, ngokwesigatshana 4.
Ubulungu bamakomidi okuxhumana kwamatekisi endawo kufanele kuqondaniswe kuphela kososiyeshini ababhalisiwe bendawo nakumalungu abhalisiwe.
Noma yimuphi umasipala angasisungula isikhungo sokuxhumana sedolobhakazi noma sendawo, lokho nje okuqondene, maqondana nabanye abagibeli bezinto zomphakathi emgaqweni noma izindlela zokuhamba endaweni yakhe.
U-MEC angasenza isimemezelo ngesaziso kwi-Gazethi, ukuthi indawo ethize lapho kuthathwe izinyathelo ezehlukile nokukhulunywa ngayo kule sigaba, uma enombono wokuthi lokhu kuyadingeka ukulungisa isimo esishubile ngodlame, inxushunxushu noma isiphithiphithi.
a U-MEC angayimisa inqubomigomo ebeka ukuthi umgugu noma imigudu noma amarenki athize, noma yonke imigudu namarenki, ngaphandle kokuthi achaze, kuvaliwe akusebenzi ukuthwala abagibeli bomphakathi endaweni emenyezelwe kwisigatshana 1 ngesikhathi esibekwe kwisaziso, nokuthi akukho muntu ongaqhuba izinsizakalo kwimigudu ethintekayo noma kwirenki noma amarenki athintekayongesikhathi leso.
b Inqubomigomo ingabeka ukuthi ukwephulwa kwawo kuyoba yicala ibeke futhi nezigwebo ezihanbisana nalo.
g ikheli lapho kufanele kuqondiswe khona izethulo; kanye h nendlela yokwenza izethulo.
U-MEC kufanele abhekisise izethulo azitholile ngokwesigatshana 3 ngaphambi kokubeka inqubomigomo ngokwesigatshana 2.
o uma umuntu engumnikazi welayisense noma imvume yokusebenza noma umshayeli oqondene naleyo layisense noma imvume, ehluleka ukugcina umsebenzi noma isibopho salowo muntu noma umshayeli ngokwalo mthetho.
i ebe nesandla noma evumele isenze noma ukungenziwa kwento; nomar ii engenzanga lutho ukugwema leso senzo noma kungenzi; futhi b isenzo noma ukungenzi kuyinto, noma isemthethweni noma ingalungile, kade ingaphansi komthetho wesandla sakhe noma ingaphansi kwesandla sokuqashwa kukamenenja, isithunywa noma umqashwa.
Umuntu olahlwe yicalangaphansi kwalomThetho angase agwetshwe abhadle ejele isikhathi esingeqile enyakeni noma inhlawulo yemali engeqile ku -R100 000, noma kokubili inhlawulo nokubhadla ejele.
INhloko yomNyango ingabeka isikhulu noma umqashwa womNyango abe umhloli wezithuthi.
Uma isikhulu esiyisiphathimandla saneliseka ngesikubonayo ukuthi imoto esetshenziselwa ukuthwala abantu emgaqweni kutholakala ukuthi imvume, ilayisense yokusebenza, nemvume yayo noma imvume ebhaliwe okukhulunywa ngayo kwisigaba 46 1 akusiyona imito ngokwesidingi sesigaba 47 b noma 52 4, isikhulu kufanele siyibophe leyo moto.
a eseveze imvume, ilayisense yokusebenza, imvume yayo noma imvume ebhalwe phansi wayikhombisa isikhulu esibekiwe, naso safakaza sabhala phansi ukuthi ikhishiwe nanokuthi umsebenzi uyikhokhile inhlawulo yecala ngokwesigaba 94 1 o ngenxa yokwehluleka ukugcina emotweni izincwadi ezidingekayo, uma leyo nhlawulo yayikhishiwe; noma b uma lowo muntu esanelisa isikhulu esiyisiphathimandla ukuthi imoto yayingasetshenziselwe ukuthwala abantu bomphakathi, futhi lokho kwafakazelwa yisikhulu sakubhala phansi; noma c onke amacala abekwe wona maqondana nesithuthi esingekho emthethweni sokuthwalwa kwabagibeli bomphakathi ehoxisiwe noma abantu ababekwe lawo macala bephume phambili.
Uma imoto ingadedelwanga zingakapheli izinsuku ezingama-90 iboshiwe, iyodliwa yisiFundazwe, ngaphandle uma kuvezwa ubufakazi bokuthi ukudedelwa kwayo akubanjwanga ngephutha lomuntu ofuna idedelwe.
Ukudliwa ngokwesigatshana 3 akuwathinti amalungelo umuntu anawo emotweni uma kukhonjiswa ukuthi ubengazi ukuthi imoto yayisetshenziselwa noma yayizosetshenziselwa ukuthwala ngokungemthetho abagibeli bomphakathi emgaqweni noma wayengekwazi ukukugwema ukusetshenziswa kwayo.
U-MEC noma umasipala angabeka indawo ngokwesaziso kwiGazethi indawo echaziwe kwisaziso ukuthi iyisikhumulo ngenhloso yale sigaba, futhi angasichibiyela noma asihoxise ngendlela efanayo leso saziso.
Ukubopha izimoto ngokwale sigaba, izikhulu ezigunyaziwe kufanele zihambise ngenqubo ebekiwe futhi zigcwalise imiqulu ebekiwe.
b umnikazi wemoto okuthwelwle ngayo umuntu uthathwa ngokuthi uye obethwele lowo muntu ngesikhathi athwalwe ngaso, ngaphandle uma kutholakala ukuthi ngaleso sikhathi ubenesiyena umshayeli waleyo moto futhi akazange akuvumele ukusetshenziswa kwaleyo moto ukuthi ihambise umuntu.
Isikhulu esigunyaziwe singayithatha imvume noma ilayisense, ngokwesinqumo seBhodi, uma seyiphelelwe yisikhathi noma isihoxisiwe, ikhanseliwe noma imisiwe ngokwalo mThetho.
i ngesinqumo seBhodi kuboshwe onke amalayisense noma imvume echaziwe kwisinqumo kunikezwe iBhodi.
b ukukhipha isigwebo esithize noma inhlawulo okukhulunywa ngayo kwisigatshana 2b kulabo bantu abephule umthetho uma amaphuzu abawaphuciwe esengaphezulu noma elingana nenombolo ethize ebekiwe.
kuye ngobubi becala, ukuze amacala amabi kakhulu, kube nohlelo olusezingeni eliphezulu ngokwamaphuzu asuswa naqoshwayo.
ukumiswa kwelayisense yokusebenza noma imvume yowephule icala.
ukuhoxiswa kwelayisense noma imvume ; noma iv isigwebo esibhaliwe esiwuswazi oluncane kunalolo olubekwe kwisigatshana ii noma iii.
a abeke kabanzi uhlelo oluphakanyisiwe; futhi b ameme abantu abanentshisekelo babeke uvo ngesiphakamiso futhi, namgemhlawulo nezigwebo eziphakanyisiwe, bacelwe ukuthi izimvo zabo bazifake zingakapheli izinsukuezingama-30 kusukela osukwini okwakhishwa ngalo isaziso.
ukwenziwa kohlelo lokususwa kwamaphuzu kufanele lushicilelwe ngendlela ebekiwe, luyobe seluqala lusetshenziswa lba umthetho oyisibopho emva kwezinsuku ezingama-30 lwashicilelwa.
U-MEC angamisa inqubomigomo ebeka ukuthi abanikazi bezimvume noma amalayisense okusebenza ezinhlobo ezithile zezithuthi zabagibeli bomphakathi kufanele babhekelele umshuwalense wabagibeli nezinye izinhlobo zemishuwalense ebekiwe kwinqubomigomo, kube yimali leyo ebekwe ngu-MEC nayo angayibeka kwinqubomigomo. Inqubomigomo ingabeka futhi nokufunekayo noma izidingongqangi zabanikazi bemishuwalense abakhipha le mishuwalense.
a IBhodi ingayibeka imibandela yamalayisense okusebenza maqondana nezidingongqangi okukhulunywa ngazo kwisigatshana 1 engaphikisani nale nqubomigomo.
b Inqubomigomo ingadinga futhi ukuthi kube nobufakazi bomshuwalense bunikezwe iBHodi noma umuntu obekiwe kwinqubomigomo, lokho kwenzeke ngezikhathi ezibekiwe.
Umshuwalenseokukhulunywa ngawo kwisigatshana 1 kufanele, phakathi kwezinye izinto, ubhekelele ukulahlekelwa nokumoshakala kumuntu ngenxa yokulimala kwempahla noma ukufa nokulimala komuntu ngenxa yobudedengu obuyinhloso noma ukungenzi okuthize kosebenzayo noma isithunywa noma osebenzela umsebenzi maqondana nokunikeza insizakalo yokuthutha abagibeli bezithuthi zomphakathi.
U-MEC kufaneleabeke inqubomigomo ngaphansi kwesigatshana 1 maqondana nezinsizakalo ezinikezwa abavakashi zingakapheli izinsuku ezingama-80 emveni kokuqala kwalo mThetho ukusebenza.
c ukuhlela, ukwakha nokugcina esimweni inqalasizinda ekhuphula izinga lokusebenza nokusizakala kwezinsizakalo zabagibeli bezithuthi zomphakathi.
a umuntu alahlwa yicala, ngokwanoma yimuphi umthetho ochithwe yisigaba 104, okuyicala eliyicala ngokwalo mthetho, umuntu uthathwa njengowenze icala ngokwecala lalo mThetho; futhi b noma yiliphi imaki elikhishwe ngokwanoma yimuphi umthetho wemoto ochithiwe maqondana nemvumeuyasetshenziswa ngokwalo mThetho kuze kube leyo mvume iphelelwa yisikhathi, iyashintshwa ibe yilayisense, noma iyahoxiswa noma ikhanselwe ngokwalo mThetho, njengemaki yokwehlukanisangokwalo mthetho.
Ukuqashwa, ukubekwa, inqubomgomo, isaziso noma umqulu owenziwe, washicillelwa noma wakhishwan nomayini enye eyenziwe, ngokomThetho ochithwe yisigaba 104, kuthathwa njengesimemezelo, ukumiswa, ukwakhiwa, ukushicilela okukhishwa kwenziwa ngokomthetho ohambisanayo walo mthetho.
Ngenhloso yesigatshana 2 isicelo sokukhishwa noma ukunikezwa kwemvume engakaphelelwa yisikhathi ekuqaleni kwalo mThetho, siyothathwa njengesicelo ngokwalo mThetho maqondana nokunikezwa kwelayisense efanelekile eyilayisense yokusebenza.
a Njalo lapho lo mThetho ukuqashelwa kohlelo lwezithuthi, iBhodi, isiphathimandla esenza isivumelwano, isiphathimandla sokuthutha, umnyombo wedolobha noma umasipala angaqhubeka nalolo daba, ngokugunyazwa ngu-, yize noma uhlelo lwesithuthi esiqonde lungalungisiwe noma lungethulwanga ukuze luthole imvume edingekayo, noma lungashicilelwanga ngokwesigaba 29 1 somthetho kaZwelonke.
c Le bhodi, isiphathimandla, umnyombo wedolobho noma umasipala kufanele abhekelele noma yiluphi uhlelo lwezokuthutha noma olunye udaba aluthatha njengoluqindene.
Noma yimaphi amandlaasetshenziswe noma umsebenzi onikeziwe nowokwenziwa ogcinwe ngokusemthethweni yi-Gauteng Transport Permit Board okukhulunywa ngayo kwisigaba 291 ngokomthetho ochithwe yisigaba 104 emva kokuqala kokusebenza komthetho kaZwelonke, uthathwa njengosetshenziswe ngokuyikho noma osetshenziswe ngokomthetho ofana nawo kulo mThetho.
Lo mthetho uyawubophezela uMbuso.
Izingxenye ezahlukene zalo mThetho zingaqaliswa ukusebenza ngezinsuku ezingafani, noma ezindaweni ezahlukahlukene.
M inombolo yabagibeli ingeqi kuleyo yelayisensi isib.
